Umbhalo wesiNgisi osayinwe nguMongameli.
Ukuhlinzekela izinyathelo zokukhuthaza ukuphepha kwenyama nemikhiqizo yezilwane; ukubumba nokugcina amaqophelo kazwelonke abalulekile aqondene namadela; ukulawula ukuthenga nokuthumela inyama kwamanye amazwe; ukubumba izinhlelo zokuphepha kwenyama nokuhlinzekela izindaba ezithintene nalokhu.
isisebenzi somnyango sichaza lowo osebenzayo ochazwe ngaphansi kwesigaba 1l soMthetho Wemisebenzi Yomphakathi ka -1994 Umthetho No.
enganquma ukuba izigaba ezithile zalo Mthetho zingasebenzi ezinhlotsheni noma ezigabeni ezithile zezilwane ezichazwe kuSheduli -1.
UNgqongqoshe kufanele aqoke isisebenzi soMnyango esifundele umsebenzi wobudokotela bezilwane sibe yisiphathimandla sikazwelonke.
Isiphathimandla sikaZwelonke siyoqhuba umsebenzi olingana namandla esinikwe wona bese siqhuba umsebenzi omiswe ngaphansi kwalo Mthetho, kuye ngemiyalelo nokulawula okukhishwe wuNgqongqoshe.
Sichithe, sedlulisele kolunye usuku noma semukele isicelo kuye ngendlela esibona ilungele leso simo ngasinye.
Uma kukhona isicelo, isiphathimandla sikazwelonke singanquma ukwelula ngokubhaliwe isikhathi esihlonzwe esigatshaneni - (a).
Isicelo sokwelulwa kwesikhathi kufanele sibhalwe futhi sibeke izizathu zesicelo.
Isiphathimandla sikazwelonke kufanele sazise ngokubhaliwe lowo ofake isicelo ngesinqumo okufinyelelwe kuso kanjalo isizathu sokuchithwa kwesicelo uma senqatshiwe..
Uma ngemuva kokwemukelwa kwesicelo isiphathimandla sithola imininingwane ethile eyayingaguqula isimo sesinqumo sayo uma yayivele ngesikhathi sicubungula isicelo noma okwakungaholela ekwenqabeni isicelo noma ekubekeni imigomo ethile ehambisana nemvume, isiphathimandla singakhipha isaziso esibhalelwe ofake isicelo simazise ngokubuyekezwa kwesicelo lapho sichithwa khona noma sibekwa eceleni noma ngemibandela emisha, kuye ngesimo ngasinye.
Isiphathimandla sikazwelonke kufanele sikhiphe isizathu sanoma yisiphi isinqumo sokubuyisela eceleni isinqumo saphambili noma izinguquko ezenziwe.
ngemvume kaNgqongqoshe wesiFundazwe oqondene ebhekiswe kwisiphathimandla sesifundazwe.
Ukwedluliswa kwamandla noma komsebenzi ngaphansi kwendima (a)(ii) kungenziwa kuphela ngemvume kaNgqongqoshe.
Amandla noma umsebenzi odluliswe noma ojutshwe yisiphathimandla sesifundazwe angedluliselwa phambili yileso siphathimandla sesifundazwe kwesinye isisebenzi esilawulwa yiso noma kumuntu ogunyaziwe.
Isiphathimandla sikazwelonke kufanele sinike isisebenzi, umuntu ogunyaziwe neziphathimandla zesifundazwe ezihlonzwe esigatshaneni igunya elibhaliwe elichaza ukuthi umuntu ochazwe phakathi unikwe amandla okuqhuba imisebenzi echazwe phakathi.
liqondane nendawo ethile.
Uma esebenzisa amandla noma eqhuba umsebenzi abelwe wona ngaphansi kwalesi sigaba, isisebenzi, ogunyaziwe noma isiphathimandla sesifundazwe kufanele siveze igunya elihlonzwe esigatshaneni (a), uma sicelwa kanjalo ngomunye umuntu.
Isiphathimandla sikazwelonke asephuciwe amandla noma umsebenzi esiwabele noma esiwedlulisele komunye umuntu, esisebenzini noma esiphathimandleni sesifundazwe ngesizathu sokwedlulisa lamandla noma umsebenzi, ngaphandle uma isizathu esiqondene nalowo muntu sesidluliselwe kuyena nalapho isinqumo singaququlwa khona noma sihoxiswe kuphela uma uguquko noma isihoxiso sihlomulisa lowo muntu noma uma lowo muntu evumelana noguquko noma nesihoxiso.
Ungqongqoshe engaqokela ukusebenza kwaloMthetho noma izigaba ezithile zawo kuyo yonke iNingizimu Afrika noma ezindaweni ezithile kuphela ukuba ziqondane nomuntu othile onogqozi noma onolwazi oluthile ngenyama noma ngokuphepha kwaleyo nyama.
Umsebenzi ohlonzwe ngaphansi kwesigatshana kufanele udalule amandla nemisebenzi yomuntu okufanele aqhube umsebenzi ngendlela ehambisana nemiyalelo yesiphathimandla sikazwelonke.
Ngaphandle kokuba Ungqongqoshe anqume ngenye indlela esigamekweni esithile, lowo onikwe umsebenzi akakwazi ukuqophisana noMbuso mayelana nanoma yiziphi izindleko ezitholwe maqondana nokuqhutshwa kwamandla noma nokuqhutshwa komsebenzi ophawulwayo.
Ngokubhaliwe kufanele edlulise amandla noma edlulisele kwesinye isisebenzi esinikwe igunya noma yimaphi amandla okufanele onikiwe awasebenzise noma umsebenzi okufanele uqhutshwe ngaphansi kwalo Mthetho noma ngokubhaliwe agunyaze noma alayele noma yisiphi leso sisebenzi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi.
Amandla asetshenzisiwe noma umsebenzi owenziwe yisisebenzi esihlonzwe esigatshaneni kufanele uthathwe njengowenziwe noma oqhutshwe yisiphathimandla esiyinhloko, usihlalo noma ngomunye umuntu ophethe, kuye ngesimo ngasinye.
Isiphathimandla esiyinhloko, usihlalo noma omunye umuntu ophethe engaguqula noma ahoxise noma yinini isinqumo esithathiwe noma umyalelo okhishwe yileso sisebenzi ngaphandle uma isinqumo sesidluliselwe kumuntu othinteka esinqumeni, nalapho isinqumo singaguqulwa noma sihoxiswe khona kuphela uma ushintsho noma isihoxiso sihlomulisa lowo muntu noma isihoxiso siyohlomulisa lowo muntu noma lowo muntu evumela ushintsho noma isihoxiso.
Ngokuhambisana nesigatshana , ojutshwe ngomsebenzi ngokubonisana nesiphathimandla sikazwelonke enganquma inkokhelo okufanele ihlawulwe ngumnini wamadela ukuqhuba amandla nemisebenzi aqokelwe yona ngaphansi kwalo Mthetho.
Uma ojutshelwe umsebenzi engahambisani nemibandela yalo Mthetho noma nomyalelo wesiphathimandla sikazwelonke, isiphathimandla sikazwelonke singanqamula noma simise umsebenzi walowo muntu.
Ngokuhambisana nezigatshana , no nesigaba 6, imisebenzi ebekwe ezigabeni- 7, 8, 9, 10, 15 no 16 idluliselwa kwisiphathimandla sesifundazwe ngasinye.
Bonke oNgqongqoshe beziFundazwe abaqondene kufanele baqoke isisebenzi esifanele esifundazweni ngasinye esiwudokotela wezilwane esiyoba yisiphathimandla sesifundazwe.
Isiphathimandla sesifundazwe kufanele sisebenzise amandla nokuqhuba imisebenzi eyabelwe isiphathimandla sesifundazwe ngaphansi kwesigatshana.
Kufanele sinike isiphathimandla sikazwelonke leyo mibiko ephathelene nokulandelwa kwemibandela ephawulwe esigatshaneni ngendlela efunwwa yisiphathimandla sikazwelonke.
Isiphathimandla sikazwelonke kufanele sibhekele ukwenziwa kwemisebenzi ejutshwe yilesi sigaba kuzo zonke izifundazwe ngenhloso yokuqinisekisa amaqophelo afanayo asetshenziswa yonke iNingizimu Afrika.
Ngezikhawu ezithile, isiphathimandla sikazwelonke kufanele sihlanganise imibiko yemisebenzi eqashwe ngendlela ehlonzwe endimeni (a) bese sinika umbiko ofanayo isiphathimandla sesifundazwe.
Ngokubhaliwe, isiphathimandla singacela kwisiphathimandla sesifundazwe noma komunye umuntu onolwazi oludingwa yisiphathimandla sikazwelonke imininingwane ethile efunwa yisiphathimandla sikazwelonke ngenhloso yokulandelela imisebenzi emiswe ngaphansi kwalesi sigaba, lolo lwazi luyothulwa esiphathimandleni sikazwelonke singakapheli isikhathi esichazwe kwisaziso.
Uma kwenzeka ngesinye isikhathi ukuthi isiphathimandla sikazwelonke sibe nombono wokuthi isenzo noma ukwehluleka okuthile kunomthelela wokwephulwa kweqophelo lomsebenzi, kufanele sazise isiphathimandla esiqondene sesifundazwe asicele ukuba sithathe izinyathelo ezifanele zokulungisa isimo esonakele.
Isikhathi noma ngaphansi kwesimo esinqunywe nguNgqongqoshe.
Uma kunokumiswa, isiphathimandla sikazwelonke kufanele silandele amaqophelo afanele kazwelonke neminye imibandela eqondene engaphansi kwalo Mthetho endaweni ethintekayo kuze kuphele isikhathi esimiselwe ukuhambisana nalesi sigaba.
Ngenhloso yesigatshana , isiphathimandla sesifundazwe esithintekayo kufanele sisebenzisane nesiphathimandla sikazwelonke futhi sivumele ukusetshenziswa kwesikhungo sesifundazwe yisiphathimandla sikazwelonke.
Uma kunezindleko ezithwalwe ngonyaka othile yisifundazwe noma zithwalelwa sona ngenhloso ehlonzwe kulesi sigaba futhi lezondleko zedlula isabelo esimiswe yisishayamthetho sesifundazwe, umehluko noma izindleko kufanele zikhishwe yiPhalamende.
Uma isizathu sokumiswa sesiphelile, uNgqongqoshe kufanele ahoxise lokho kumiswa.
Oyodayisa noma ahlinzeke ngenyama yokudliwa ngabantu noma yizilwane ngaphandle kokuba ihlatshwe emadeleni.
Isigatshana asisebenzi uma isilwane sihlatshelwa ukuzidlela noma ngenhloso yokufeza isiko noma inkolo.
Ayikho inyama noma umkhiqizo wesilwane otholwe enyameni ehlatshwe ngokulandisa kwendima (a) efanele ukudayiselwa noma ngubani.
Isicelo semvume yesikhungo sokuhlabela kufanele sethulwe esiphathimandleni sikazwelonke ngendlela enqunyiwe futhi siphelezelwe yinkokhelo efanele.
Uma isikhungo esihlonzwe endimeni (a) sihambisana nalo Mthetho, isiphathimandla sikazwelonke kufanele sinikeze ofake isicelo isitifiketi sokubhaliswa njengamadela, ngokubhekela izimo ezithile ezingabaluleka.
Isitifiketi sokubhaliswa siyohlala isikhathi esinqunywe nesichazwe yisiphathimandla sikazwelonke okungafanele sedlule eminyakeni emihlanu.
Ezinye izinto ezisemqoka zokuqikelela ukuthi amadela akhiqiza inyama nemikhiqizo yezilwane ephephile ukuba idliwe ngabantu nezilwane.
Ngesikhathi ekhipha isitifiketi sokubhaliswa kwamadela, isiphathimandla sikazwelonke kufanele sinqume bese siveza esitifiketini izinga elihambisana namaqophelo kazwelonke abalulekile okuyiwona ayolawula ukusebenza kwalawo madela.
Isitifiketi semvume esikhishwe noma esithathwa ngokuthi sikhishwe maqondana namadela ngaphansi kwesigaba 5 soMthetho weNhlanzeko yamaDela ka 1992 (Umthetho No. 121 ka 1992) esasisebenza maduzane ngaphambi kokuqala kwalesi sigaba, sithathwa njengesitifiketi sokubhalisa esikhishwe ngaphansi kwesigatshana.
engaqhutshwa ngendlela ehambisana namaqophelo kazwelonke abalulekile; noma engasetshenziswa.
Sinike umnini wamadela ithuba lokuveza ilaka lakhe noma ukulungisa isimo esithinta amadela singakapheli isikhathi esinqunywe yisiphathimandla sikazwelonke.
Isitifiketi sokubhaliswa esikhishwe mayelana namadela siphelelwa yisikhathi uma umuntu onikwe sona eyeka ukuba ngumnini wamadela.
Amise imisebenzi yamadela kuze kufike isikhathi lapho imibandela ekhishwe ngaphansi kwalo Mthetho ilandelwa khona.
Ibophezele umnini wamadela, akukhathalekile ukuthi lowo muntu wayengumnini ngesikhathi kukhishwa umyalelo.
Umyalelo ungaguqulwa noma uhoxiswe uma isiphathimandla sikazwelonke seneliswa wukuthi imibandela yomyalelo isilandelwe ngokugcwele noma ingxenye yayo ngemuva kophenyo noma kocwaningo olusemqoka.
Izinguquko noma isihoxiso esihlonzwe endimeni (a) asiniki ushwele umnini wamadela ukuba angahambisani nemibandela yalo Mthetho ebophezela yena noma amadela anobunini kuwo.
Izinguquko noma isihoxiso esihlonzwe endimeni (a) kufanele zaziswe ngendlela ebekwe esigatshaneni (b).
Umyalelo okhishwe ngaphansi kwesigaba 17 soMthetho weNhlanzeko yamaDela ka 1992 (Umthetho No. 121 ka 1992) nobusebenza maduze ngaphambi kokuqala kwalesi sigaba uthathwa njengomyalelo osebenza ngaphansi kwalesi sigaba.
Isilwane esilethwe ngenhloso yokuhlatshwa emadeleni kufanele siphathwe ngendlela enobuntu ngesikhathi silayishwa, sihanjiswa, sehliswa, sigcinwa, siboshwa futhi sibulawe ngendlela elandela imibandela yoMthetho wokuVikelwa Kwezilwane ka-1962 Umthetho No.
Isilwane esilethwe ukuzohlatshwa ngendlela ehambisana nohlelo lwempilo yezilwane ngaphansi koMthetho Wezifo Zezilwane ka-1984 Umthetho No.
Noma ngubani osola ukuthi isilwane siguliswa yisifo esilawulwa ngendlela echazwe kuMthetho Wezifo Zezilwane ka-1984 Umthetho No.
Izilwane akufanele zihlatshelwe ukwenza ucwaningo lwezifundo ngaphandle kokulandela inqubo emisiwe yocwaningo nethulwe futhi yemukelwa yisiphathimandla sikazwelonke.
Isiphathimandla sikazwelonke singenza noma yimuphi umsebenzi obonakala ufanele futhi uhambisana nokufezwa kwamaqophelo kazwelonke abalulekile.
Ngesaziso seGazethe, uNgqongqoshe engabumba uhlelo lokuthuthukisa ukuphepha kwenyama nemikhiqizo yezilwane.
Ngaphansi kwesigatshana uNgqongqoshe engabumba izinhlelo ezehlukene eziqondene nezinhlobo ezehlukene zezilwane nezigaba ezehlukene zabantu.
UNgqongqoshe engenza noma yiluphi uhlelo lusebenze kuyo yonke iNingizimu Afrika noma ezindaweni ezehlukene zezwe noma esifundazweni esithile noma engxenyeni yaso.
Olunye udaba olubalulekile noma okufanele luphuthunywe ukufeza nokukhuthaza izinjongo zalo Mthetho.
Ukuhlinzekela noma yini ebalulekile noma ephuthumayo ukukhuthaza izinhloso zohlelo.
Ngesaziso seGazethe, ngemuva kokubonisana noNgqongqoshe wesiFundazwe, uNgqongqoshe kazwelonke uyodalula ukuthi iqhaza elibanjwa ohlelweni oluthile luyophoqelelwa esifundazweni esithintekayo noma engxenyeni ethile yesifundazwe.
Uhlelo oluhambisana nosizo lwezimali ezivela kuHulumeni omkhulu eziqonde kulabo ababambe iqhaza ohlelweni luyosungulwa kuphela ngemuva kwemvume kaNgqongqoshe weziMali.
Akekho umuntu ovunyelwe ukungenisa inyama ezweni laseNingizimu Afrika ngaphandle kwegunya lemvume ekhishwe yisiphathimandla sikazwelonke.
Indima (a) ayisebenzi enyameni ephuma kwamanye amazwe ngenhloso ethile echaziwe noma elindele ukuhlangabezana nesisindo esinqunyiwe.
Isicelo semvume yokuthenga inyama kwamanye amazwe kufanele senziwe ngendlela enqunyiwe futhi siphelezelwe yimali eqokiwe.
Imvume yokuthenga inyama kwamanye amazwe ingakhishwa ngaphansi kwesimo esiqokwe yisiphathimandla sikazwelonke bese sichazwa kuleyo mvume.
Ngokubhekela izidingo zomphakathi, isiphathimandla sikazwelonke singamisa noma sihoxise noma iyiphi imvume ekhishwe ngaphansi kwesigatshana (a) noma sibeke imibandela emisha noma sengezele ngeminye.
Yenzelwe ukuqondana kuphela nomthamo owodwa wangaleso sikhathi ngaphandle uma incazelo yehlukile.
Kufanele itholakale ukuze ihlolwe, kuthathwe isampula bese icwaningwa yisiphathimandla sikazwelonke.
Uma isiphathimandla sikazwelonke sinolwazi lwenyama elethwe eNingizimu Afrika olungafani nemigomo yalo Mthetho noma nemvume ekhishiwe, singakhipha umyalelo othi inyama noma ingxenye ethile yayo ingehliswa ngaphandle kwemvume yaso ebhaliwe noma yehliswe kuphela ngaphansi kwezimo ezithile ezingachazwa.
Akekho umuntu ovunyelwe ukususa inyama egcinwe esikhungweni esihlonzwe esigatshaneni (d) ngaphandle kwemvume ekhishwe yisiphathimandla sikazwelonke.
Isitifiketi sokuthenga inyama kwelinye izwe ngokulandisa kwesigaba 14 (a) soMthetho weNhlanzeko yamaDela ka 1992 (Umthetho No. 121 ka 1992) ebesisebenza maduze ngaphambi kokuqala kwalesi sigaba sithathwa njengesitifiketi esikhishwe ngaphansi kwesigatshana (a).
Izitsha okufanele zithwale inyama ethunyelwa kwelinye izwe zivalwe futhi zananyathiselwa ngengcina efanele yisiphathimandla sikazwelonke ngendlela esemthethweni kanjalo ingcina ishaywe inombolo ebhalwe esitifiketini esihlonzwe endimeni (e).
Izigaba 8 no 9 zisebenza nezinguquko ezifanele ezihambisana nesicelo semvume esihlonzwe esigatshaneni (a).
Isiphathimandla sikazwelonke singahlola ukusika, ukukhishwa kwamathambo, isakhiwo, ukusebenza isikhungo somkhiqizo wamadela athumela inyama kwelinye izwe.
Isicelo sesitifiketi esihlonzwe esigatshaneni (e) kufanele sethulwe esiphathimandleni sikazwelonke ngaphambi kokuba inyama ethintekayo isuke eNingizimu Afrika noma uma umkhandlu oqondene ezweni elithengayo ufuna ukuhlola izilwane eziphilayo eziwumsuka wenyama, ngaphambi kokuba zihlatshwe izilwane.
Uma umkhandlu ofanele ohlonzwe esigatshaneni (e) ufuna isitifiketi sokuhambisana nemigomo yawo, kufanele isicelo sesitifiketi esihlonzwe kuleso sigaba siphelezelwe wumqulu ogunyaza ukuthengwa kwenyama engena kulelo lizwe.
Isigatshana (a), (b), (c), (e) no (I) asisebenzi enyameni ethunyelwa kwelinye izwe elingenayo imigoqo yenyama engena ezweni.
Kunzima ukunika isiqiniseko sokuthi imibandela ehlonzwe esigatshaneni ilandeliwe.
Yokufuna ukuba umnini wamadela akhiphe noma yimuphi umbhalo, umqulu noma umlando ophathelene namadela ngenhloso yokuhlola noma ukuthola amakhasi ombhalo noma izingxenye zawo.
Yokuxilonga, ukuthatha isampula nokuvivinya noma yisiphi isilwane, inyama noma umkhiqizo wesilwane.
Isiphathimandla sikazwelonke noma oqokwe yiso noma odluliselwe amandla kufanele aveze umazisi wakhe negunya lokusebenza kumnikazi wamadela, uma ecelwa kanjalo.
Singasusa noma yini edliwe kulamagceke noma sishiye leyo mpahla emagcekeni kuthi lapho sibona kufanele sifake ingcina enophawu esitsheni esigcine impahla kodwa uma othathelwa umqulu, umbhalo noma imiqulu ethanda engazigayela imibhalo efanayo (amakhophi) inqobo uma ekhokhela izindleko zokwenza njalo, ukugaywa kwamaphepha uyokwenza ngaphansi kweso lesiphathimandla sikazwelonke.
Igunya lenkantolo eqondwe esigatshaneni (I) kufanele likhishwe yiJaji leNkantolo Ephakeme noma yimantshi eneguya endaweni ekanise amagceke athintekayo, igunya liyokhishwa kuphela uma kucaca elwazini olufungelwe noma esiqinisekweni ukuthi zinkulu izinsolo nezinkomba zokuthi umbhalo noma into echazwe esigatshaneni ingaphakathi noma isegcekeni futhi kufanele kube nencazelo zokuthi yiziphi izenzo kwezichazwe kulesi sigatshana ezingenziwa ngumuntu onikwe imvume.
Isiphathimandla sikazwelonke esilandela igunya lenkantolo ngaphansi kwalesi sigaba kufanele sizazise kulowo osegcekeni maduze ngaphambi kokuqala umsebenzi uma lowo muntu ekhona futhi sedlulise umbhalo ofanayo wegunya kuyena, uma engekho lowo muntu sinamathisele umbhalo ofanayo endaweni esobala emagcekeni akhe.
Akufanele isiphathimandla sikazwelonke singene noma sicinge noma yimaphi amagceke ngaphambi kokuzethula ngendlela ezwakalayo nokuchaza ukuthi sifuna ukungena emagcekeni futhi sichaze inhloso yokungena, ngaphandle uma sinombono oqinile nezizathu zokuthi kunempahla noma into engalinyazwa uma siqala ngokucela imvume futhi abangaphakathi baziswa ngenhloso.
Uma isiphathimandla sikazwelonke singena emagcekeni ngokuthola igunya lenkantolo elikhishwe esigatshaneni , singasebenzisa indluzula uma sithola inkinga yokwenqatshelwa noma singavulelwa ukuba singene emagcekeni.
Ukungena nokucinga okugunyazwe yilesi sigaba kungenziwa kuphela emini ngaphandle uma kunesizathu sokuba kwenziwe ebusuku.
ngemuva kwenyanga lakhishwa igunya; noma ekupheleni kwenhloso eyakhishelwa igunya lenkantolo, kuye ngokuthi yikuphi okufike kuqala.
Kunezizathu eziqinile zenkolelo yokuthi igunya lenkantolo lingakhishwa ngaphansi kwesigatshana futhi ukuchitha isikhathi sokuthola igunya lenkantolo kungaphazamisa izifiso nenjongo yegunya lenkantolo.
Uma kwenzeka ukuthi ngesikhathi sokuqhutshwa komsebenzi wegunya lenkantolo ngaphansi kwalesi sigaba, umuntu ekhala ngokuthi impahla noma umqulu otholwe emagcekeni athintekayo uqukethe ulwazi olukhethekile futhi enqaba ukuba leyo mpahla noma umbhalo uhlolwe, isiphathimandla sikazwelonke singacela Unobhala weNkantolo Ephakeme enamandla endaweni noma oqokwe nguNobhala ukuba agodle futhi athathe leyo mpahla noma umbhalo ngenhloso yokuba ugcinwe inkantolo efanele ize ikhiphe isinqumo esifanele mayelana nombuzo wokuthi ulwazi oluthintekayo luyimfihlo noma akunjalo.
Ngokuhambisana nesigatshana , isiphathimandla sikazwelonke kufanele sihambise noma yini ebanjwe ngaphansi kwesigatshana no ngaphandle kokuchitha isikhathi emaphoyiseni ngendlela ehlonzwe yisigaba 30 soMthetho weNqubo yoBugebengu ka 1977 (Umthetho No. 51 ka 1977) okufanele udingide futhi wedlulise impahla ebanjiwe njengoba sichaza iSahluko 2 saloMthetho.
Uma iphoyisa lithatha izinyathelo ngaphansi kwesigaba 30(a) noma (b) soMthetho weNqubo yoBugebengu ka 1977 (Umthetho No. 51 ka 1977) mayelana nempahla ehlonzwe endimeni (a), kufanele liqale ngokubonisana nesiphathimandla sikazwelonke.
Isiphathimandla sikazwelonke siyolawula futhi sigcine noma iyiphi inyama esolwa ngokuthi ayinayo imvume yokudliwa ngabantu noma yizilwane noma umkhiqizo wesilwane okunezinsolo eziqinile zokuthi ayiphasiswanga.
Isiphathimandla sikazwelonke singalahla noma iyiphi inyama noma umkhiqizo wesilwane oqondwe endimeni (a).
Ngaphambi kokuba inyama noma umkhiqizo wesilwane ulahlwe ngokulandisa kwendima (a), isiphathimandla sikazwelonke kufanele sivezele iphoyisa leyo mpahla ngenhloso yokwenziwa kophenyo olufanele.
Uma lokho kudingelwa ukuhambisana nomthetho oqondene nokufinyelela elwazini.
Noma ngubani ongajabule ngesinqumo sesiphathimandla sikazwelonke, oqokiwe, isiphathimandla sesifundazwe noma ogunyaziwe engafaka isicelo sokwedlulisa udaba maqondana nesinqumo, udaba luyodluliselwa kuNgqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe oqondene, kuye ngesimo ngasinye.
Isicelo sokwedlulisa esiqondwe esigatshaneni kufanele sifakwe ngendlela echaziwe singakapheli isikhathi esinqunyiwe futhi ikhokhwe inhlawulo yesicelo.
Ungqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe engaqoka isisebenzi esizimele esisodwa noma ngaphezulu ukuba ziphenye futhi zethule umbiko ngesigqi sokwedluliswa kodaba.
Isiphathimandla sikazwelonke, oqokiwe, isiphathimandla sesifundazwe noma umuntu ogunyaziwe othathe isinqumo nalowo ofake isicelo bengavela noma bacelwe ukuba bavele ophenyweni oluchazwe endimeni (a) ngenhloso yokulalelwa noma ukuphonswa imibuzo futhi banelungelo lokumelwa enkundleni.
Ngemuva kokucubungula umbiko neminye imiqulu ephathelene nesikhalo, Ungqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe uyochitha noma aguqule isinqumo noma akhiphe umyalelo ofanele mayelana nodaba.
Kuye ngesimo ngasinye, uma uNgqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe echitha isinqumo esiholele kwisicelo sokwedluliswa kodaba noma okufanele siguqulwe, imali yokwedlulisa udaba ekhokhwe ngofake isicelo eqondwe esigatshaneni kufanele ibuyiselwe kumnikazi.
Obumba umqulu noma oyalela ukwenziwa komqulu ozishaye sengathi kodwa ube ungeyona imvume, isitifiketi, igunya noma omunye umqulu okhishwe ngaphansi kwalo Mthetho.
Uma elahlwa yicala okwesibili noma ngaphezulu akukhathalekile ukuthi ulahlwe ngecala elifanayo noma amanye aqondwe esigatshanei , uyohlawuliswa noma aboshwe isikhathi esingedluli eminyakeni emine noma ahlawuliswe futhi aboshwe.
Ngaphandle kokunye okuphikisayo okuqukethwe komunye wemithetho, inkantolo kamantshi inamandla okugweba nokuhlawulisa okuhlonzwe ngaphansi kwalo Mthetho.
Inkantolo ethola umuntu enecala ngaphansi kwalo Mthetho, uma icelwa wumshishisi wasenkantolo ngaphezulu kwesigwebo esikhishiwe mayelana nokwephula umthetho, ingacela ukuba inyama, umkhiqizo wesilwane, umbhalo, umqulu noma amanye amadokodo ayingxenye yodaba olusezithebeni zenkantolo idliwe wuMbuso.
Noma yimuphi umbhalo ozishaya sengathi unesiqiniseko sesiphathimandla sikazwelonke noma somuntu onegunya owumbhalo ofanayo nowangempela othinteka ecaleni, wemukelekile njengobufakazi enkantolo.
Ngomgomo oshayiwe, uNgqongqoshe engakhipha ushwele ekusebenzeni komgomo othile walo Mthetho mayelana nendawo ethile eNingizimu Afrika, uhlobo oluthile lwesikhungo noma amadela noma izinga elithile lamadela, isigaba esithile noma iqoqo elithile labantu noma isigaba esithile noma iqoqo labanikazi noma uhlobo oluthile noma ithimba lezilwane.
Uma kuyisigameko sesibili noma esilandelayo, isikhathi esingedluli eminyakeni emibili.
Ngokuhambisana nalezo zimo abona zifanele, Ungqongqoshe enganquma, adlulise amandla noma anike isiphathimandla sikazwelonke, noma yisiphi isisebenzi soMnyango noma umuntu ogunyaziwe amandla noma umsebenzi othile omiswe ngaphansi kwalo Mthetho ngaphandle kwamandla okushaya imithetho ngaphansi kwesigaba 22.
Ngokuhambisana nalezo zimo abona zifanele, Ungqongqoshe wesiFundazwe oqondene enganquma, adlulise amandla noma anike isisebenzi somnyango umsebenzi onikwe uNgqongqoshe wesiFundazwe noma omiswe ngaphansi kwalo Mthetho.
Ungqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe akephuciwe amandla noma igunya anikwe lona ngendlela ehlonzwe esigatshaneni noma futhi engaguqula noma abeke eceleni noma yisiphi isinqumo esithathwe ekuqhubeni amandla noma umsebenzi odlulisiwe noma owabiwe.
Ingqinamba ekhona yanoma yimuphi umqulu okufanele iqhutshwe ngandlela thize ngokombandela walo mthetho noma ngokomqulu okhishwe ngokwalo Mthetho ayenzi noma yisiphi isenzo sokuphatha umsebenzi esilandelwe ngaphansi kwalo Mthetho sibe wukwephula umthetho mayelana nodaba oluthintene nalowo mqulu kanjalo futhi asiphenduki isizathu sokungaboshezelwa kwinqubo noma ezinyathelweni zomthetho ezingathathwa mayelana nalolo daba uma umqulu uhambisana kabanzi nemibandela elindelekile yezomthetho.
Ngokuhambisana nesigatshana , imithetho echazwe kusheduli- 2 iyaguqulwa lapha noma icinywa ngendlela echazwe kwikholomu yesithathu yaleyo Sheduli.
Umthetho oshaywe noma othathwa njengalowo ongaphansi kwesigaba- 24 soMthetho weNhlanzeko yamaDela ka 1992 (Umthetho No. 121 ka 1992) nobusebenza maduzane ngaphambi kokuqala kwalesi sigaba kufanele uthathwe njengoshaywe ngaphansi kwalo Mthetho- 40, uma kungenzeka ukuthi wawushaywe ngaphansi kombandela ofanayo walo Mthetho.
LoMthetho waziwa ngokuthi wuMthetho Wokuphepha Kwenyama ka -2000.
